I-DA Igxeka Imibhikisho

Written by on 13 July, 2021

By: Sthulile Mdletshe

Umholi we-DA, uJohn Steeinhuisen, uthi imibhikiso ebonakala iqhubeka ezweni iholwa ngosomathuba abasebenzisa ukuboshwa kuka Jacob Zuma ukuqhuba izimfuno zabo nokuphazamisa ukuthula ezweni.

I-DA ingelinye lamaqembu asekushayele ihlombe ukutshalwa kwamasosha ezindaweni ekubhoke kuzo loludlame, nokuyi KZN nase Gauteng.

U-Steenhuisen uthi bakhathazekile ngesimo esikhona ezweni njengamanje, ngoba sizofadabalisa kunakuqala umnotho ovele ungenzi kahle, abantu bangakwazi nokuthola ukudla nezidingo ngqangi ngenxa yogqekezwa kwezitolo, kucekelwe phansi nempahla ebalulekile ekuphileni komuntu.

Uthi labo abagqugquzela lesimo, basebenzisa izinkundla zokuxhumana, isimo sokungasebenzi kwabantu kanye nezinye izinkinga ezikhona ezweni ukukhwezela inhlansi yodlame kubantu.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Continue reading

Gagasi FM

What You Want to Hear



Background