I-DA igxeka ukusungulwa kwesikhwama sokufukula amabhizinisi abampisholo.
Written by Phakeme Mnguni on 20 January, 2025
By: Phakeme Mnguni
I-DA isigxeke isimemezelo sikangqongqoshe wezoHwebo, izimboni kanye nezokuncintisana, uParks Tau mayelana nokusungulwa kwesikhwama soguquko esibiza uR100 billion, ekuhloswe ngaso ukusiza amabhizinisi abantu abamnyama.
Ungqongqoshe ephendula umbuzo wasephalamende udalule ukuthi lokhu kuzoxhaswa ngokuphoqelela eminye imithetho yokufukula abantu abamnyama kwezomnotho ezinkampanini ezizimele.
UToby Chance weDA uthi uhulumeni akakwazi ukuphoqa amabhazinisi ukuthi angeze intela, noma ukwenza izinguquko kwezezimali ngaphandle kokulandela imigudu kanye nemigomo efanele.