I-DA Ikhala Ngeziqubulo Eziphehla Udweshu Eziqhamuka KuMalema

Written by on 31 July, 2023

By: Nompendulo Ngubane

I-Democratic Alliance ithi ukuqhubeka komholi we-Economic Freedom Fighters, uJulius Malema ahlabelele iculo elaziwa nge”Dubula Ibhunu” kuyinto engasoze yamukeleka.

Iqembu le-DA lisho kanjena nje uMalema uzwakale ecula leli culo esho nesiqubulo “Shoot to Kill” ngempelasonto ngesikhathi leliqembu ligubha iminyaka engu-10 lasungulwa.

Oweqembu le-DA uSolly Malatsi uthi lokhu akuvumelekile kanti futhi kubhebhezela udlame olungadingeki emphakathini.

UMalatsi uqhuba ngokuthi ukucula kuka-Malema leli culo nokusho iziqubulo kuwukudicelela phansi imizamo yalelizwe lokubuyisana noxolo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background