I-DA Ishaqekile Ngengwijikhwebu ye-IFP

Written by on 18 November, 2021

By: Bright Ntuli

I-DA ithi idumele ngongqimphotho eshaywe yi-IFP ngodaba lokubusa ngokubambisana ne-ANC komasipala abalengisiwe.

Leliqembu lithi belixoxisana kahle neNkatha ngakho seliyethuka uma gwiqiqi isimemezela ukuthi izosebenzisana ne-ANC.

I-DA ithi okuyimangaza kakhulu ukuthi umholi we-IFP uVelenkosini Hlabisa,  akukapholi maseko ememezele esithangamini sabezindaba ukuthi abazimisele nakancane ukubusa ngokubambisana noKhongolose njengoba ethe lokhu kuzobe kufana nokushaya abavoti ngemfe ephindiwe, ngoba bakhombisile ngevoti ukuthi abasayidingi lenhlangano emandleni.

Ongumholi weDA kulesifundazwe uFrancios Rodgers uthi baxakekile ukuthi sekushintshephi.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background