I-DA Isinikele u-Ramaphosa kwi-FBI

Written by on 22 June, 2022

By: Sthulile Mdletshe

I-DA ithi isibhalele uphiko oluphenya amacala abucayi lwase Melika, i-FBI, ukuba liphenye umengameli u-Cyril Ramaphosa kulandela ukutholakala kwezindodla zemali epulazini lakhe.

Kumanje kunecala alivulelwe uArthur Fraser owayisikhulu sezobunhloli.

Kubikwa ukuthi umengameli uRamaphosa akazange asibike isigameko sokwebiwa kwalemali emaphoyiseni.

Umholi we DA uJohn Steenhuisen uhti sebecele iFBI ukuthi ithole ukuthi yaqhamukaphi lemali eyayingama dollar eyafika kuleli abaqoqi bentela bengazi ngayo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background