I-DA Isiphonsele Inselelo Umasipala UMzinyathi Ngolwamanzi

Written by on 3 June, 2021

By: Lindelani Mbatha

Oyilunga leDA kusishayamthetho sakwaZulu-Natal, uMaliyakhe Shelembe, uthi bakhathazekile ukuthi umasipala wesifunda uMzinyathi uyahluleka ukuhlinzeka umphakathi waseMsinga ngamanzi okugcina kwenza izakhamuzi ziphuze nemfuyo emifuleni.

uShelembe uthi useze wabhalela ungqongqoshe wakwa Cogta uSipho Hlomuka, emcela ukuthi angenelele kulomasipala.

Uthi lomphakathi usuphoqelekile nokuthi uthenge amanzi ezinkampanini ezizimele, nazibiza uR20 amalitha angu-200.

UShelembe uyenaba.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo okhulumela uMasipala uMzinyathi,  uNomonde Nzimakwe, uthi sebeke bahlangana nomphakathi ukubachazela ngesimo, eqhuba ngokuthi zikhona izinhlelo abanazo zokuhlinzeka umphakathi ngamanzi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background