I-DA Ithi Akudingidwe Elokuqoka Ngetiye Ezikhundleni Zikahulumeni

Written by on 13 January, 2022

By: Zilungile Mkhize

I-Democratic Alliance (DA) ithi ifuna kube nenkulumompikiswano ephuthumayo ePhalamende mayelana nokujutshwa kwabasebenzi.

Lenhlangano ithi ihlela nokuqhubeka nemizamo yayo yokuthola indlela esemthethweni engagunyaza ukuthi ivunyelwe ukuthola imizuzu yemihlangano yeANC, lapho kusuke kudingidwa khona ezithinta ukujutshwa kwamalungu ayo ezikhundleni.

Ilungu le-DA ephalamende, uLeon Schreiber, lithi usukhonake nomthetho sivivinyo owethulwa ngemizamo yokuqeda lomkhuba.

Uthi akwehlanga neze kahle ukuzwa ofakazi kukhomishana kaZondo bedalula ukuthi iqembu elibusayo linomthelela ongakanani ekuqokweni kwezisebenzi zikahulumeni.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background