I-DA Ithi Ayijiki Kumthethosivivinyo Wezibhamu

Written by on 23 June, 2021

By: Zilungile Mkhize

I-DA ithi isamile ekutheni ayihambisani noMthethosivivinyo wokuchibiyela ukulawulwa kokuphathwa nokusetshenziswa kwezibhamu kulelizwe, i-Firearms Control Amendment Bill.

Lenhlangano ithi ibona ukuthi lo mthethosivivinyo unomthelela ekuphazamiseni impi ekhona yokulwisana nodlame olubhekiswe kwabesifazane, kanjalo nokuzivikela ebugebengwini obudlangile.

Uma lomthetho ungase uphasiswe uzokwenza ukuthi umuntu ofuna ukuthenga isibhamu ngokusemthethweni, angabe esakwazi ukusebenzisa isizathu sokuthi usithengela ukuzivikela.

Ekhuluma engqungqutheleni yokudingida ngezibhamu zokuzivikela nangawo lomthetho, uAndrew Whitfield we-DA, uthi lo mthethosivivinyo uphinde ube yingozi nakulabo abazingela ngokusethethweni.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background