I-DA Ithi Ayijiki
Written by Mfundo on 8 September, 2021
By: Lindelani Mbatha
Umholi weDA uJohn Steenhuisen uthi abajiki futhi akekho ozobaphazamisa esinqumeni sabo sokuyisa ikhomishana yokhetho i-IEC enkantoko.
U-Steenhuisen usho kanjena ngenkathi ethula ngokusemthethweni umkhankaso wabo wokhetho nophinde wafaka iziqwembe eThekwini.
Lenhlangano isola i-IEC ngokwenzelela esinqumeni sayo sokuvula ithuba lesibili lokuthi amaqembu ezombusazo anikezele ngabantu abazomela izinhlangano okhethweni lohulumeni basekhaya, osekuqagulwe ukuthi luzoba ekuqaleni kuka-November.
I-ANC kanye neUDM ngezinye izinhlangano ezihlulekile ukugcina umqamlajuqu wokulethwa kwamagama kulekhomishana.
Iqembu elibusayo belizophazamiseka kakhulu kulolukhetho komaspala abangaphezu kuka-90, ukuba ithuba lesibili alivulwanga.
U-Steenhuisen uthi i-IEC ikhombisile ukuthi iwumbimbi ne ANC.
Uqhuba ngokuthi bahlela ukuwola bonke omaspala ngisho nalabo abasezindaweni zasemakhaya. Bangu-257 omasipala sebebonke okulindeleke ukuthi amaqembu ahlukene ezepolitiki ancintisane ngabo.
U-Steenhuisen uthi bazoxoxisana namanye amaqembu ukuze basebenzisane kwabanye omasipala.