I-DA Ithi I-ANC Kumele Izisukumele Izikhalo Zomphakathi

Written by on 25 January, 2023

By: Lindelani Mbatha

Usoswebhu we-Democratic Alliance (DA) ephalamende, uNatasha Mazzone, uthi ngeke bavume ukuthi abantu bakuleli bahlale ebumnyameni ngenxa yokucishwa kukagesi i-load-shedding.

UMazzone ubekhuluma nabezindaba emahhovisi enhlangano ebusayo eGoli.

I-DA iqhuba umbhikisho wayo eLuthuli House njengoba ikhala ngokucishwa kukagesi ethi i-ANC yenza ngamabomu.

Ngesonto eledlule usihlalo wakwa-Eskom, uMpho Makwena, ubalule ukuthi ukuze bekwazi ukulungisa iziphehlimandla zalenkampani kuzodingeka ukuthi iNingizimu Africa ibhekane nokucisha kukagesi okungenani iminyaka emibili.

UMazzone uthi i-ANC kumele ibhekisise lokho abakuphakamisayo abakholelwa ukuthi kungasebenza ukuqeda i-loadshedding.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background