I-DA ithi I-EFF Akumele Iphazamise Ukusebenza Kwezwe
Written by Mduduzi Phungula on 14 March, 2023
By: Sthulile Mdletshe
I-Democratic Alliance (DA) ithi ngeke ivumele inhlangano i-Economic Freedom Fighters (EFF) ukuthi icekele phansi amabhizinisi nempilo yabantu bakuleli.
Lenhlangano isho kanjena nje, i-EFF ihlela ukubamba ukhukhulela ngoqo wombhikisho kazwelonke ngoMsombuluko mhlaka 20 lapho ifuna ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa, ehle esikhundleni.
Umholi we EFF u-Julius Malema uthi bahlela ukumisa nse ukusebenza kwayo yonke into ezweni ukuze kuzozwela kuhulumeni alalele izikhalo zezakhamuzi.
Okhulumela I-DA u-Gideon Lewis uthi njengamanje iNingizimu Africa kumele ibhekane nokwakha kabusha, kanye nokufukula umnotho oshayeke kakhulu ngenxa ye-covid 19.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.