I-DA ithi ifuna usomlomo aphasise isicelo sayo kube nenkulumo mpikiswano mayelana nenkohlakalo kuhulumeni

Written by on 10 September, 2020

I-DA ithi izolokhu ibelese ephalamende ifuna usomlomo aphasise isicelo sayo kube nenkulumo mpikiswano mayelana nenkohlakalo kuhulumeni ikakhulu ethinta amathenda.

Leliqemmbu lithi lisola nokuthi imali engu 5 billion wamarandi uhulumeni ahlose ngayo ukutakula izwe kulesikhathi esinzima se-Covid-19 nayo isikhwabanisiwe.

Usotshwebhu waleliqembu ePhalamende, uNatasha Mazzone, uthi ziningi izikhulu zephalamende okumele zizophendula ngezinsolo zokuba yingxenye yokukhishwa kwamathenda ngaphandle kokulandela imigomo eyengamele lokhu.

uMazzone uthi bona njenge DA sebenxuse usomlomo wePhalamende, uThandi Modise, ukuthi abize inkulumompikiswano ephuthumayo ukuzodingida ngenkohlakalo kuhulumeni.

Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm

By:Lindelani Mbatha


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background