I-DA ne-EFF Sebegadle Kanzima ku-Ramaphosa
Written by Mfundo on 15 February, 2022
By: Bright Ntuli
I-Democratic Alliance (DA) ithi sekuyisikhathi sokuthi umengameli uCyril Ramaphosa ayeke ukwenza izethembiso angazifezekisi, kodwa enze lokhu ahlale ethi uzokwenza.
Lenhlangano isho kanje ngenkathi amalungu ephalamende ebambe inkulumo mpikiswano ngenkulumo kamengameli ebibhekiswe esizweni, iSONA.
Nokho, iDA ibiqala ngqa ukuncoma inkulumo kamengameli kahulumeni we-ANC, njengoba ithi bekungathi uyithathe ohlakeni lwezethembiso ze-DA njengoba ithi izinto eziningi azisho yilezo vele nabo abahlezi bezisho.
Phakathi kwalezinto libala nokuvulwa kwamathuba emisebenzi, nathe umengameli kumele kuqhamuke kakhulu emabhizinisini azimele.
Khonamanjalo, umholi we EFF uJulius Malema usevumelane no-Steenhuisen, ethi i-ANC ihlulekile ukuhola ngandlela.
Uqhuba ngogxeka nanokusola uRamaphosa ngokungafuni ukususa ongqongqoshe labo ababiza njengabantu abangenamsebenzi.