I-DENOSA Ifuna Kuqeqeshwe Abahlengikazi Kabanzi

Written by on 22 February, 2022

By: Zilungile Mkhize

IDemocratic Nursing Organisation of SA (DENOSA), isizwakalise ukukhathazeka ngokungabi bikho kokuqeqeshwa okwanele kwabahlengikazi abafunda emanyuvesi, ngezinto ezahlukene nezibaluleke kakhulu emsebenzini wezempilo.

I-Denosa ithi amanyuvesi amaningi anemikhakha yezempilo, awenzi umsebenzi owanele ukukhiqiza umhlengikazi okulungele ukuyosebenza uma esephuma esikoleni.

Ithi abahlengikazi abafunde emanyuvesi bantula ulwazi olwanele mayelana nezimo eziphuthumayo okubalwa iTrauma, ICU,ezengqondo, kanye nokwenziwa umhlengikazi eTheatre.

Okhumela iDenosa uSibongiseni Delihlazo, uthi lokhu kungaba yingozi kakhulu kumuntu osuke egula esedinga usizo oluphuthumayo lomhlengikazi.

Uthi bafuna umkhandlu olawula iSouth African Qualifications Authority usheshise izinhlelo ezizoqinisekisa ukuthi kukhushulwe izinga loqeqesho emakolishi nasemanyuvesi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background