I-EFF eKZN Iphikisa Elokuvulwa Kwezikole Ngesonto Elizayo

Written by on 8 February, 2021

By: Nompendulo Ngubane

Njengoba kulindeleke ukuthi izikole zivulwe ngo mhlaka 15 February, i-EFF kwisifundazwe sakwaZulu-Natal, ithi uMnyango wezeMfundo eyisisekelo awukakulungeli ukuvulwa kwezikole.

Usihlalo we-EFF- uVusi Khoza uthi uMnyango kumele ukumise ukuvulwa kwezikole kule nyanga njengoba iningi lezikole lingakakulungeli ukwamukela abafundi, ngenxa yezimo ezikhona ezikoleni okubalwa izikhala zothisha abadlula emhlabeni bebulawa i-Covid-19, nathi kuze kube manje lezo zikhala azikakagcwaliswa.

UKhoza uthi nengqalasizinda isalokhu iyinikinga enkulu hhayi kulesifundazwe kuphela kodwa kuzwelonke.

Kuzokhumbuleka ukuthi ukuvulwa kwezikole kwahlehliswa ngenyanga ka January kuhlehliselwa kuyo le nyanga ka February.

uKhoza uthi kuningi okusafanele kulingiswe ngaphambi kokubuyiswa kwabantwana ezikoleni.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background