I-EFF Igxeka Abadayisela Imiphakathi Amanzi Ngokungemthetho

Written by on 3 May, 2022

By: Lindelani Mbatha

Unobhala jikelele we-EFF u Marshal Dlamini uthi bakhathazekile ngokuthi kukhona abantu abadayisa amanzi uhulumeni awasabalalisa mahhala emiphakathini entulayo.

Ekhuluma embuthanweni we-EFF eNorth West, uDlamini uthi balinganiselwa ku 2.2 billion emhlabeni jikelele abantu abangenawo amanzi ahlanzekile okuphuza.

Uqhuba ngokuthi lokhu kuyishwa kakhulu njengoba amanzi eyisdingo nqangi, futhi edingenka kakhulu ukugcina inhlanzeko.

Kanti kumanje kunemiphakathi eminingi lapha eKZN, ikakhululukazi eyakhele umasipala weTheku ezithola ihluphekela amanzi kulandela izikhukhula ezacekela phansi ingqala sizinda.

U-Dlamini uthi labo abadayisela umphakathi amanzi kumele bajeziswe ngokushesha.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background