I-EFF Ithembisa Ubuqotho Mase Isemandleni
Written by Mfundo on 4 October, 2021
By: Sthulile Mdletshe
Umholi we EFF u-Julius Malema uthi inhlangano yakhe ayisoze yazibandakanya ezenzweni zodlame nokusabisa abantu khona izoqoqa amavo ngendluzula, kodwa izokwenza konke okusemandleni ukuthi iphumelela ngemisebenzi yayo eqotho.
Ekhuluma ese-Limpopo lapho ebeqhuba khona umkhankaso wokuthola amavoti ngokhetho lohulumeni basekhaya oluzobe ngomhlaka 1 November, uMalema uthi udlame alukaze lwathela izithelo ezinhle.
U-Malema uthi abantu sekufanele bakhethe uhulumeni omusha ozobayisa phambili ngaphandle kwezethembiso ezingatheli lutho.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.