I-EFF Ithi Akuvikelwe Amabhizinisi Kahulumeni
Written by Mfundo on 18 August, 2021
By: Zilungile Mkhize
I- EFF ithi ukuvikelwa kwamabhizinisini kahulumeni sekusezandleni zezakhamuzi zakulelizwe.
Lenhlangano ithi abantu kuleli kumele bangesabi ukukhuluma nokuchitha noma yiziphi izinqumo ezenziwa uhulumeni, uma bebona noma besola ukuthi kunenhlansi yokubanjwa kombuso ngobhongwane kulezo zinqumo.
Ukuphawula kwe EFF kulandela isitatimende sikaNgqongqoshe obhekelele amabhizinisi kahulumeni, uPravin Gordhan, lapho ethi uhulumeni uhlela ukusebenzisana nabamabhizinisi azimele ukuthuthukisa ichweba laseThekwini.
I-EFF ithi izoliqalapha ngeso elibanzi loluhlelo nokuthi yiziphi izinkampani ekuzosetshenziswana nazo ukufeza lokhu.
Ithi okunye okumqoka okumele kufakelwe izibuko ukuthi lezo zinkampani ezizothola lomsebenzi zinabuphi ubudlelwane ne ANC kanye nabaholi bayo.
Khonamanjalo, i-DA yona ithi kusemqoka futhi iyakweseka ukufakwa kwamabhizinisi kahulumeni ngaphansi kwabazimele, ngoba kunciphisa amathuba ezenzo zenkohlakalo futhi kuvula nethuba lokuthi akhule alethe nenzuzo engcono kwezomnotho wezwe.
Okhulumela iDA uGhaleb Cachalia uyachaza,
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
I-EFF ithi inkampani iTransnet nokuyiyo esingethe ukusebenza kwamachweba, ibaluleke ngendlela eyisimanga ezweni ukuthi ingadedelelwa ezandleni zedlanzana elizokwenza inzuzo kusale abasebenzi nezwe likhala.