I-EFF Ithi Isikhathele i-Lockdown

Written by on 25 June, 2021

By: Lindelani Mbatha

Umholi we-EFF, uJulius Malema, uthi uma bengaphoqi uhulumeni ukuba athenge imigomo nakwezinye izinkampani eziyikhiqizayo, baningi abantu abazobulwa yiCOVID 19.

uMalema ubekhuluma nezinkumbi zabalandeli balenhlangano njengoba belibangise emahhovisi eSouth African Health Products Regulatory Authority (SAHPRA).

Lesisikhungo yiso esigunyaza ukuthengwa kwemigomo kuleli, iEFF umashele kuso namhlanje ukuyonxusa ukuthi igunyaze ukuthengwa kwemigomo yase-Chinese nase Russian.

uMamela uthi uma ukugonywa kwabantu kushaya ngonyawo lonwabu ngalendlela, leligciwane lizobhebhetheka ihlandla lesine.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background