I-EFFSC EDUT Ifuna Ubulungiswa Kwelika-Mlungisi Madonsela
Written by Mduduzi Phungula on 6 February, 2023
By: Dawud Phungula
I-EFF Student Command eDurban University of Technology ithi ikhathazekile ngendlela izinto ezenzeka ngayo ecaleni lika-Mlungisi Madonsela owadutshulwa ngesihluku unogada owayeqashwe inkampani ezimele eyayiqaphe kulesiskhungo.
Lenhlangano emele abafundi iveze lokhu kwisfundo sesikhumbuzo sikaMadonsela ebesise-DUT izolo.
Ngomhlaka 5 February 2019 iqulu labafundi ababebhikishela imfundo engcono babemi ngaphansi kwesihlahla kuRitson Road maqondana nesteve Biko Campus, omunye wabafundi wafuthwa ngePepper Spray oNogada ngesikhathi enqaba ukusuka lapho babeme khona.
Lokhu kwagcine sekudala ingxabano phakathi kwabafundi nonogada.
Omunye wonogada kukholakala ukuthi wadubula kathathu ebhekise kubafundi okwaholela ekutheni kudubuleke uMadonsela.
Sekuphele imnyaka engu-4 kodwa akukaze kuboshwe muntu kulelicala.
U-Convener We-EFFSC E-DUT, USanele Ndwandwe uthi baphatheke kabuhlungu kakhulu ukuthi kuze kube inamhlanje abakabutholi ubulungiswa.
[WATCH] I-EFF Student Command eDurban University of Technology ithi ikhathazekile ngendlela izinto ezenzeka ngayo ecaleni lika-Mlungisi Madonsela owadutshulwa ngesihluku unogada owayeqashwe inkampani ezimele eyayiqaphe lesiskhungo. #GagasiFMnews pic.twitter.com/CFX9Py8YyP
— Gagasi FM News (@GagasiFMNews) February 6, 2023