I-Eskom ithi izoluxegisela ku stage-1 uhlelo lokunqamula ugesi
Written by Lethiwe Mdluli on 21 August, 2020
Inkampanbi kagesi iEskom ithi izoluxegisela ku stage-1 uhlelo lokunqamula ugesi izikhawu i-loadshedding namhlanje.
Lenkampani ithi loluhlelo luzoqala ngo 8 ekseni kuze kuyoshaya u10 ebsuku.
Selokhu liqalile lelisonto i-loadsheddinng ibiku stage-2, kanti oyiskhulumi sakwa Eskom, uSikhonathi Mantshantsha, uthi ukuxegiselwa ku stage-1 kulandela ukuthi imishini yabo engu 4 ephehla ugesi isibuyele ekusebenzeni.
UMantshantsha uqhuba ngokuthi banethemba lokuthi eminye futhi imishini yabo engu-3 ebisalungiswa, izosebenza maduzane nje.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
By: Bright Ntuli