I-Eskom Ixolisa Ngokucishwa Kukagesi
Written by Mfundo on 12 May, 2022
By: Zilungile Mkhize
Oyisikhulu esiphezulu kwa Eskom uAndre De Ruyter, usedlulise amazwi okuxolisa emphakathi yonkana eNingizimu Africa ngezinkinga zokunqanyulwa njalo kukagesi ngokohlelo lwe load shedding.
Lenkampani izolo iphinde yamemezela ukuthi iyaqhubeka naloluhlelo ngaphansi kuka stage 2.
Izakhamuzi sezisebenzise izinkundla zokuxhumana ukuzwakalisa ilaka lazo kanye nokudumala njengoba uEskom uqhubeka nokucisha ugesi njalo ngesikhathi sebhizi.
U De Ruyter uthi bayaziqonda izinkinga ezidalwa i-load shedding emakhaya, ezikoleni, emabhizinisini kanjalo nasemnothweni wezwe kodwa ukuphuka kweziphehlimandla zabo kwenza kube nzima ukuthumela ugesi owanele emiphakathini.
powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.