I-FF+ isola u-Mgxitama ngokugqugquzela udlame kuleli.
Written by Phakeme Mnguni on 12 February, 2025
By: Phakeme Mnguni
Inhlangano yamabhunu i-Freedom Front Plus isifake isimangalo kuKhomishana Yamalungelo Abantu kanye neKomidi lokuziphatha ePhalamende isola ilungu le-MK Party, u-Andile Mgxitama ngenkulumo enenzondo futhi egqugquzela udlame.
Lokhu kuza emva kokuthi uMgxitama ebhale enkundleni yokuxhumana u-X ukuthi uyavumelana noMengameli waseMelika uDonald Trump ukuthi amasela omhlaba kumele ahambe eNingizimu Afrika aye eMelika, wengeza ngokuthi leli lakuleli kumele lisale lingenamasela omhlaba.
I-FF Plus ithi izitatimende ezinjengalezi ngeke zithethelelwe ezweni elikhululekile nelibuswa ngentando yeningi, ingasaphathwa eyezwe elinesimo sezombusazwe esiguquguqukayo.