I-Gagasi FM Cares Isithelekile eNyakatho ye-KZN

Written by on 11 August, 2021

By: Sphelele Nzuza

Izinhlangano ezingenzinzuzo eRichards Bay enyakatho yeKZN, zithi ukungenelela kwe GagasiFM lixhase imindeni entulayo osekuphele izinsuku ikati lilele eziko, kuzosiza kakhulu kulawomakhaya eliwahambele.

Namhlanje lomsakazo useRichards Bay ukuyonikela ngezindimbane zokudla, ama mask kanye nama sanitizer, ngaphansi kohlelo lwawo lokusiza imiphakathi i- Gagasi Cares.

Imindeni eminingi evele iphila kanzima yaphinda yathola ukukhahlamezeka ngesikhathi kunezibhelu ezingxenyeni ezahlukene zesifundazwe, kanti sekumele ihambe nebanga elide iyozama nje ukuthenga okuya ngasethunjini.

Ongumeluleki wentsha ngaphansi kwe Lungelo Development eMzingazi, uSihle Bhuyeni, uthi iningi lentsha esizakala kulenhlangano iphazamisekile ezifundweni njengoba bebevalile ngenxa yezinkinga ezahlukene.

Uqhuba ngokuthi miningi imizi ezosizakala ngalomnikelo, ilale idlile ngenxa yohlelo i-Gagasi Cares.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background