I-Good Party Inethemba Lokunqoba Okhethweni

Written by on 12 October, 2021

By: Zilungile Mkhiize

Umholi we Good Party, uPatricia de Lille uthi nakanjani iqembu lakhe lizokwenza kahle ngokhetho lohulumeni basekhaya, yize lizobe lilungenela okokuqala ngqa.

Izwe lizoyo kulolukhetho ngomhlaka 1 November, nokuwusuku uMengameli uCyril Ramaphosa aseluhlonze njengeholidi.

I-Good Party yasungulwa ngo 2018 ngemuva kokuba uDe Lille engabona ngasolinye nobuholi be DA, nokwaphoqa ukuba bagijimisane ezinkantolo kwaphinda kwahoxiswa nobulungu bakhe kuleliqembu.

Namhlanje uphansi phezulu uqhuba umkhankaso wokunxenxa amavoti ezindaweni ezahlukene lapho inhlangano yakhe ingenele khona umjaho wokhetho.

U-De Lille usebeke kanje ngomkhankaso wabo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background