I-IEC Isihlehlise Umnqamulajuqu
Written by Mfundo on 23 August, 2021
I-IEC ithi amaqembu ezombusazwe kanye nalabo abafisa ukungenela ukhetho ngabodwa, bazophelelwa yisikhathi sokubhalisa nokukhokha uma behluleka ukuhlangabezana nomnqamulajuqu wanamuhla ntambama, osuwengeziwe.
Namhlanje wusuku lokugcina lokuthi amaqembu nama independent candidate nokuyilabo abazongena ngabodwana, ukuthi bafake izaziso zabo zohlu lwabazobamela. Lekhomishana bekulindeleke ukuthi ivale umnqamulajuqu ngo 5pm kodwa isiwuyengeze waye ku 9pm.
Lokhu kwenzeka nje, akukacaci ukuthi uKhetho Lohulumeni Basekhaya, oluhlelelwe umhlaka 27 Okthoba, luzokwenzeka noma cha.
INkantolo Yomthethosisekelo namanje ayikaphumeli obala mayelana nesinqumo sayo sokuthi iyasivuna noma cha isicelo se IEC sokuba kuhlehliswe ukhetho.
Lekhomishana ithi okwamanje, amaqembu ezepolitiki angu-25 kanye nabangenele ukhetho ngokuzimela abangu 50 kuphela abalandele lomyalelo.
Ithi uhlu lokugcina oseluqinisekisiwe luyomukelwa ngomhlaka 7 Septhemba.