i-IEC Itusa Ukhetho Lokuchibiyela
Written by Mfundo on 12 November, 2020
By: Lindelani Mbatha
Usekela sihlalo wekhomishana yokhetho, iIndependent Electoral Commission, uJanet Love uthi bajabule kakhulu indlela ukhetho lokuchibiyela oluhambe ngayo izolo.
i-IEC ibethulela abezindaba imiphumela yokhetho ePitoli.
Abalela ku95 amawards abenganawo amakhansela kuzwelonke kanti kulesisfundazwe ebengu-12 nje vo.
uLove uthi abantu baphume ngobuningi kanti bayilandele yonke nemigomo ebebebekelwe yona yeCovid 19. Uqhuba ngokuthi abaholi bomphakathi kumele baqinisekise ukuthi ngasosonke isikhathi ukhetho aluphazanyiswa.
Ukhetho lokuchibiyela izolo luphazamisekile ezifundazweni ezimbili iEastern cape kanye neFreestate umphakathi ukhala ngokuqgoza kwentuthuko.
uLove uthi noma behambisana nelungelo lokubhikisha kodwa lokho akumele kuphule ilungelo labanye abantu lokuvota.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/p49MnZqZGNr5nW&podcast_id=bfe2b92a-d0c5-440e-bba6-e3b48c6a6b73″ width=”100%” height=”200″]