I-IFP Ifuna Kuphenywe Izinsolo Ezithinta Ubugebengu e-PMB

Written by on 11 June, 2021

By: Bongani Gina

I-IFP ithi uhulumeni wakwaZulu-Natal kufanele uzithathele phezulu izinsolo ezivezwe ngungqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele.

U-Cele uveze izinsolo zokuthi kunosopolitiki nosomabhizinisi okuyibo abasebenzisana nezigelekeqe ezibulala abantu eMgungundlovu namaphethelo.

Usotswebhu we-IFP esishaya’mthetho, uBlessed Gwala, uthi ukunyuka kobugebengu ngo 16% kulesifundazwe ikakhulu ubugebengu bokubulalana kwamaqembu ezigelekeqe eMgungundlovu kukhombisa ngokusobala ukuthi lesifundazwe sesibuswa yizintswelaboya.

uGwala uthi kufanele badalulwe osopolitiki nosomabhizinisi ababandakanyeka kulobu bugebengu ukuze bezokhishwa ezikhundleni abakuzona.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background