I-IFP Ikhala Ngodlame

Written by on 20 July, 2021

By: Lindelani Mbatha

I-IFP KwaZulu-Natal ithi ikhathazekile ukuthi njalo uma umphakathi unganeme ngohulumeni ucekela phansi izikole kanjalo namanye amabhilidi kahulumeni.

UNgqongqoshe wezemfundo kulesisifundazwe, uKwazi Mshengu, useveze ukuthi okwamanje zibalelwa ku-59 izikole ezicekeleke phansi ngesikhathi kunombhidlango wokutatshwa kwezimpahla obekwenzeka ngesonto eledlule eKZN Kanye naseGauteng.

Lezizibhelu ziqale emvakokuba abalandeli baloyo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma bebhikishela ukuboshwa kwakhe, bevale imigwaqo emikhulu beshisa namaloli. Kucekelwe phansi nenqwaba yezitolo ezinye zokhelwa ngomlilo.

uZuma uzinikele emaphoyiseki ekuqaleni kwalenyanga ukuyoqala isigwebo sakhe sezinyanga ezingu-15 ebhadla ejele.

Obhekelele ezemfundo kulesisifundazwe uMntomuhle Khawula uthi kuzomele bajeze abazotholakala benesandla ekucekeleni impahla kahulumeni.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background