I-IFP Ikhathazekile Ngezidumbu Eziphuma Egameni Lepolitiki

Written by on 19 October, 2021

By: Bright Ntuli

I-IFP ithi kuyichilo ukuthi njalo uma sekusondele ukhetho lohulumeni bezindawo kulelizwe, kwanda izigameko zokubulawa kwalabo abaqokelwe ukuba ngamakhansela emaqenjini ezepolitiki.

Inkatha isho kanje kulandela ukubulawa kwaloyo obeqokelwe ukuba yikhansela leANC uSiyabonga Mkhize ngoLwesihlanu eThekwini.

Kanti ngesonto ebusuku kubulawe uThulani Shangase obeyifolosi le-EFF ku-ward 20 eMgungundlovu.

Oyiskhulumi se-IFP kuzwelonke uMkhuleko Hlengwa uthi beyiqembu leNkatha bayazwelana nemindeni kanye namaqembu alaba abashonile.

Leliqembu selinxuse amaqembu ezepolitiki osekuhlaselwe kwabulawa amalungu awo ukuthi nawo aphenye ngalezigameko.

U-Hlengwa uthi iEFF kanye ne ANC kubalulekile ukuthi benze uphenyo lwangaphakathi ukuthola umsuka kulokubulala kungaze kuphenduke insakavukela nakulolukhetho.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background