I-IFP Ikhuza Ukunukana Ngobuthakathi
Written by Mfundo on 4 June, 2021
By: Zilungile Mkhize
I-IFP seyizwakalise ukudumala ngokwanda kwezigameko zokuhlasela kubulawe abantu abadala besolwa ngokuthakatha emiphakathini eyahlukene KwaZulu-Natal.
Ukukhala kwalenhlangano kulandela ukubulawa kuka-gogo uHenrietta Nzimande, kwaDambuza maphakathi nesifundazwe.
Isidumbu sikagogo sitholakale sihlahlelwe saba manaphanapha emzini wakhe, kanti ubesolwa ngokuthakatha abantu kulendawo.
Okhulumela i-IFP kulesifundazwe ezindabeni zokuthuthukiswa komphakathi uLes Govender, uthi kumele uhulumeni afundise futhi aqwashise imiphakathi ngezigameko ezifana nalezi nobungozi bemibiko engenasiqiniseko.
Usenxuse imiphakathi ukuthi ingazithatheli umthethetho ezandleni zawo ivikele nabantu abadala.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Khonamanjalo, uNgongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi uNonhlanhla Khoza, usenxuse abakwasidlodlo ukuba balusukumele loludaba kuboshwe kugwetshe abenze lokhu.