I-IFP Iphefumula ngo-Mkhize

Written by on 8 June, 2021

By: Bongani Gina

I-IFP isiphonsele uMengameli Cyril Ramaphosa inselelo yokuthi akhombise ukuzibophezela kwakhe ekulweni nenkohlakalo ezweni  ngokwenza okufanele, amise uNgqongqoshe wezempilo uZweli Mkhize esikhundleni sakhe.

uMkhize usolwa ngokusayinda ithenda ka-R150 million umnyango wakhe owanikeza kungafanele inkampani iDigital Vibes, ephethwe abantu ayesebenza nabo phambili.

Ekhuluma esithangangamini sabezindaba eThekwini, uMengameli walenhlangano uVelenkosini Hlabisa uthi akufanele lubukelwe phansi uphenyo olwenziwe nguphiko oluphenya amacala akhethekile iSIU, mayelana nezinsolo ezibhekene noMkhize nenkampani iDigital Vibes.

uHlabisa uthi uMkhize kumele enze okulungile azishenxele yena esikhundleni, ngale kwalokho uRamaphosa kuzofanele amumise yena.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

I-IFP iqhuba ngokuthi ifuna kuhlehliswe ukhetho lohulumeni basekhaya okulindeleke ukuba lubanjwe ngomhlaka 27 ku October.

U-Hlabisa uthi banethemba lokuthi ijaji eselathatha umhlalaphansi uDikgang Moseneke nekomidi aliholayo, elibhekele umthelela weCOVID-19 okhethweni kuzwelonke, bazofinyelela esinqumweni okuyiso sokuhlehlisa ukhetho.

thi yize ukhetho nokuvota kubalulekile kodwa impilo yabantu iyona ebaluleke kakhulu.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background