I-IFP Ne-DA Ithi Izobambisana Ukuchitha Iqembu elibusayo

Written by on 22 November, 2022

By: Lindelani Mbatha

Inkatha Freedom Party (IFP) ngokubambisana ne-Democratic Alliance (DA) KwaZulu Natal, bathi bazimisele ukusebenzisana ukuze inhlangano ebusayo izophuma emandleni.

Lezinhlangano zombili bezibambe isithangami sabezindaba eThekwini.

Okunye osekuvele kulesisthangami ukuthi kusukela manje uma kuzobanjwa izinketho zokuchibiyela kubonakala ukuthi enye yalezinhlangano inethuba elingcono lokunqoba leyo ward eyodwa phakathi kwazo kuzofanele ihlehle.

Usihlalo we-IFP kulesisifundazwe uThami Ntuli uthi bazimisele ukusebenzisana nabanye abafuna ukungena kulolumbimbi.

Khonamanjalo usihlalo we-DA kulesisifundazwe uDean McPherson uthi lesinqumo sokusebenzisana sizoqinisekisa ukuthi izakhamuzi zihlinzekwa ngentuthuko ngokushesha.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background