I-JSC Ithi Ibikulindele Okwenziwe U-Ramaphosa
Written by Mfundo on 14 March, 2022
By: Lindelani Mbatha
I-Judicial Service Commission (JSC) ithi ayiphoxekanga neze ekutheni umengameli uCyril Ramaphosa uwushaye indiva umbono wayo.
U-Ramaphosa ngolwesine olwedlule umemezele uDeputy Chief Justice Raymond Zondo njengozothatha isikhundla sokuba yinhloko yamajaji enstha kusukela ngenyanga ezayo.
Lekhomishana yayikhiphe izincomo zokuthi kuqokwe ijaji lasenkantolo yokudluliswa kwamacala, uMandisa Maya kulesisikhundla.
U-Zondo usalelwe yiminyaka engaphansi kwemithathu ekwezomthetho, okusho ukuthi emvakweminyaka emibili nohhafu kuzofanele kuqokwe omunye futhi u-Chief Justice.
Ekhuluma nabezindaba zeGagasi FM, oyisikhulumi seJSC uDali Mpofu uthi vele phela umengameli unelungelo lokuqoka noma ngubani, ngokugunyazwa umthethosisekelo.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.