I-KZN Izokwethula Imiphumela KaMatikuletsheni Ngendlela Ehlukile
Written by Mfundo on 22 February, 2021
By: Bongani Gina
UNgqongqoshe wezobuciko namasiko, kwisifunazwe iKwaZulu-Natal, uHlengiwe Mavimbela uthi uNdunankulu uSihle Zikalala nguye ozokwethula imniningwane ephelele mayeyalana nemiphumela kaMatric yakulesfundazwe, kusasa.
Loluhlelo okulindeleke ukuthi ludalule ukusebenza kwezikole kanjalo nezifunda zezemfundo luzobanjelwa e-Anton Lembede Science, Maths and Technology Academy eLa Mercy, enyakatho yeTheku.
Izohluka kulonyaka indlela uNdunankulu azomemezela ngayo lemiphumela njengoba izokwenziwa ngobuchwepheshe besimanje.
Ngokujwayelekile imiphumela ijwayele ukumenyezelwa e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini, nalapho kusuke kuhlangene khona abafundi abenze kahle kakhulu kulesifundazwe, abasuka kuzo zonke izifunda.
Khonamanjalo uMavimbela uthi kubalulekile ukugqugquzela usiko lokufunda izincwadi, ikakhulu ezikoleni ezisemakhaya.
UMavimbela ubehambele isikole samabanga aphansi iMakhambane Combined Primary ,eMtuba enyakatho yesfundazwe, nalapho efike wanikelela khona abafundi abangu 50 umfaniswano wesikole.
Uphinde wanikelela lesi sikole ngomtapo wolwazi ongumahamba nendlwana, iMobile library, ngenhloso yokugqugquzela usiko lokufunda.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.