I-lifeline ithi abazali abaqaphele izimpawu zokuhlukumezek ebantwaneni.

Written by on 27 March, 2025

By: Nompendulo Ngubane 

Inhlangano engenzi nzuzo ebhekela abesifazane nezingane ezihlukumezekile iLifeline ithi kubalulekile ukuthi abazali baqaphele izimpawu ezithile kubantwana babo ezingaba yizinkomba yokuthi bayahlukumezeka. 

 Lenhlangano ezinze ePietermaritzburg iphawule kanjena njengoba imibiko iveza ukuthi siyanda isibalo sezingane ezidlwengulwa ngabantu abasemindenini yazo. 

Ongumqondisi we Lifeline uSinikiwe Biyela useveze ukuthi iKZN ingesinye sezifundazwe lapho izigameko zokudlwengula phakathi emindenini zanda kanti futhi lezi zenzo zenziwa ngisho nabangabazali bezingane uqobo. 

Ekhuluma ngokukhethekile nezindaba ze Gagasi FM uBiyela uthi ezinye zezimpawu eziveza ukuthi umntwana uyahlukunyezwa ukwethuka kwakhe njalo uma ezwa igama lomuntu omhlukumezayo. 

Lalela izindaba eziphelele:

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background