I-MK P ifuna uDuduzile axolise ku Floyd.
Written by Phakeme Mnguni on 11 February, 2025
By: Phakeme Mnguni
Umholi weqembu I-MK Party (MKP), uJacob Zuma useyalele indodakazi yakhe u Duduzile-Sambudla Zuma ukuthi ixolise ngemuva kokuthi ishiye engalazi kuNobhala-Jikelele weqembu, uFloyd Shivambu ezinkundleni zokuxhumana.
U-Duduzile usetshelwe ukuthi axolise esidlangalaleni noma aqondiswe izigwegwe.
Ezitatimendeni eziwuxhaxha azibhale enkundleni yezokuxhumana u-X, uDuduzile ukhwele wadilika kuShivambu emchaza njengomuntu ongenamsebenzi futhi “oyinto embi kakhulu eyake yenzeka kuMKP.”
U-Sambudla-Zuma uphinde wayalelwa ukuthi axolise ezinhlakeni zonke zeqembu, kuzo ekubalwa ne Southern Caucus of the Pan African Parliament.
“Lokhu kuxolisa kumele kwenziwe ngokushesha. Emva kwalokhu, kuzoqalwa uhlelo lwangaphakathi lokuqondiswa kwezigwegwe ngokuhambisana nomthethosisekelo weqembu loMkhonto weSizwe, indlela yokuziphatha kanye nayo yonke imigomo efanele,” kusho iqembu.