I-MK Party isola iGNU ngokucindezela uZuma ngendodakazi yakhe.

Written by on 20 March, 2025

 By: Buhle Mbhele
Umkhonto Wesizwe Party usugxeke uhulumeni wobumbano ngokwehluleka ukuqinisekisa ukuthi umthetho udlala indima yawo ecaleni lelungu eliphezulu leqembu uDuduzile Zuma Sambudla.
Inhloko yezinhlelo ze MK-P, uMusa Mkhize isola iANC, iDA kanye neIFP, abanyingxenye yeGNU ngokusebenzisa lelicala ukulwisana nowangumengameli wakuleli Jacob Zuma.
UMkhize usho lokhu ekhuluma nabezindaba ngaphandle kwenkantolo ephakeme eThekwini, njengoba uZuma Sambudla evele kuyo ngamacala okuphehla udweshu ngonyaka ka 2021.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngawo lowonyaka ubaba wakhe uJacob Zuma, waboshwa ngemuva kokuthi ehlulekile ukuthobela umthetho owawukhishiwe ikhomishani kaJaji Raymond Zondo, ukuthi avele phambi kwayo, kwasuka umsindo omkhulu owaholela ekutapweni kwezitolo kucekelwe phansi nengqalasizinda.
UZuma Sambudla ubhekene necala lokuthi wagqugquzela udlame olwaholela kulezibhelu ngemuva kokuboshwa kuka baba wakhe.
UMkhize uthi uZuma Sambudla ufela amacala ka yise.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Listen to the full bulletin below:

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background