I-MKMVA Ibiza uMantashe Ngebhoklolo
Written by Mfundo on 14 June, 2021
By: Sanelisiwe Dlangamandla
Omakadebona be-ANC, iMKMVA, bathi umhlangano wabo nesigungu esiphezulu seANC awuhambanga neze kahle.
Lomhlangano bokungowokudinga ukuthi kungani umbutho womakadebona uhlakaziwe iANC.
Ekuqaleni kwalenyanga usekela nobhala jikelele we ANC, uJessie Duarte, wamemezela ukuthi iMKMVA izovalwa bese iANC iqhubeke nezinhlelo zaloluphiko.
Emhlanganweni obubanjwe namahlanje ngezobuchwephesehe, umengameli we-MKMVA uKebby Maphatsoe uthi usihlalo we-ANC uGwede Mantashe nguye obeyimbangela yokuthi kungabikhona ukubona ngasolinye kulomhlangano.
Uqhuba ngokuthi basafuna izimpendulo zokuthi kungani loluphiko luhlakazwa.