I-Naptosa ifuna zithathelwe izinyathelo izikole Eziqasha Othisha Abangaqeqeshiwe.
Written by Phakeme Mnguni on 8 January, 2025
By: Phakeme Mnguni
Inhlangano yothisha iNational Professional Teachers’ Organisation of South Africa (Naptosa) isinxuse iSouth African Council of Educators (SACE) ukuthi ithathele izinyathelo ezinqala izikole eziqasha othisha abangenazo iziqu.
UMqondisi Omkhulu weNaptosa, uBasil Manuel, uwugxekile lo mkhuba, wathi uphazamisa izinga lemfundo enikezwa abafundi.
Ugcizelele ukuthi izenzo ezifuze lezi azigcini nje ngokubukela phansi izinga lokufundisa kepha ziqeda nethemba ohlelweni lwezemfundo.
UManuel unxuse iSACE ukuthi ikubeke eqhulwini ukuhlolwa kwezikole ezizimele, waveza ukukhathazeka ngokuqashwa kothisha abangabafundi ngaphandle kokugadwa ngendlela.
“Abazali kufanele baqinisekise ukuthi labo abaphathiswe imfundo yezingane zabo baqeqeshwe ngokugcwele futhi bayakwazi,” kusho u Manuel.
Lokhu kuza njengoba iNingizimu Afrika ibhekene nezinselelo eziqhubekayo nokubalwa kuzo ukushoda kothisha.
I-SACE isiphoselwe inselelo yokuqinisekisa ukuziphatha emsebenzini wokufundisa kepha izikhalazo zokuqiniswa komthetho zilokhu zikhule njalo ezinyangeni ezedlule.