I-NCCC Izohlangana Namhlanje Ukudingida Udaba Lwe-Covid-19 Entsha- Ramaphosa

Written by on 10 January, 2023

By: Pamella Majola

Umengameli u-Cyril Ramaphosa useqinisekise ukuthi i-National Coronavirus Command Council izohlangana namhlanje kulandela ukutholakala kohlobo olusha lwe-Covid-19.

Abacwaningi baseNyuvesi yaseStellenbosch bathole ukuthi kunomuntu kuleli onohlobo lwe-covid olubizwa nge-XBB.1.5 coronavirus subvariant.

Lokhu sekudale ukukhathazeka okuthile kubantu baseNingizimu Afrika kwazise izwe lisakhokha amandla emva kweminyaka emibili livaliwe ngenxa yokubheduka kwaleligciwane neladlula nenqwaba yemiphefumulo.

Kuleminyaka emibili kubheduke leli gciwane bangu-4 million abantu abangenwe yi-Covid selokhu kwaqala lolu bhubhane, kanti bangaphezu kuka-100 000 abashonile ngenxa yalo.

URamaphosa uthi asikho isidingo sokuthi abantu bakhathazeke, okwamanje asikabi khona isidingo sokubeka imigomo nemikhawulo yokuvalwa kwezwe.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/83VnPYVQVM47Mn&podcast_id=723e8e3d-954b-4735-ad03-98a2749747e4″ width=”100%” height=”200″]


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background