I-Nehawu Ithi Ishaqekile Ngokusayinwa Kokunyuswa Kwamaholo

Written by on 3 July, 2023

By: Pamella Majola

Inyunyana yabasebenzi i-Nehawu isigxeke uMengameli uCyril Ramaphosa ngokusayinda imvume yokwenyusa amaholo ngo-3 % kubo bonke abasezikhundleni eziphezulu kuhulumeni.

Ukunyuswa kwamaholo ngalesamba kulandela izincomo zekhomishana ebhekelele amaholo abasebenzi abasezikhundleni ezahlukene emphakathini, nokubhekwe ukuthi enyuswe ngo-3.8 %.

Lokhu kusho ukuthi ongqongqoshe bekhabhinethi, amajaji, abaholi bendabuko kanye namaLungu ePhalamende, bazokwenyuselwa amaholo ngawo unyakamali ka-2022-2023.

Oyisikhulumi seNehawu uLwazi Nkolonzi uthi ukunyusa amaholo ngo-3 % akuwenzi umqondo njengoba izinga lokuphila liphezulu kanje.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background