I-NFP Ithembisa Intuthuko Esheshayo

Written by on 11 October, 2021

By: Pamella Majola

Usekela Mengameli weNational Freedom Party (NFP)  uJeremiah Mavundla useyalele wonke amalungu lenhlangano efolose ngawo okhethweni lohulumeni basekhaya ukuthi asebenze ngokuzikhandla ezinhlelweni zonke zokuthuthukisa umphakathi.

Usho kanjena ethula izethembiso ze-NFP zokhetho okubhekwe ukuthi lubanjwe ekuqaleni kwenyanga ezayo uNovember.

U-Mavundla usecele nabalandeli beqembu lakhe ukuthi balikhankasele futhi bakhumbule nemisebenzi emihle eyenziwe yiqembu ngaphansi komholi nomsunguli walo ongasekho emhlabeni, uZanele kaMagwaza Msibi.

U-Mavundla uthi mancane amaqembu ezepolitiki anabalandeli ababaseka ngokuthembeka, ethi kuyajabulisa ukuthi kusakhona abantu abaseka futhi abakholelwa kuleliqembu.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background