I-NPA Isishayele Ihlombe Isgwebo Senhlawulo Esigixabezwe UMyeni

Written by on 28 July, 2022

By: Zilungile Mkhize

Uphiko olubhekele ezokushushisa i-National Prosecuting Authority (NPA) luthi isigwebo senhlawulo esigixabezwe owayengusihlalo webhodi lakwa-South African Airways (SAA) uDudu Myeni, sizothumela umyalezo nakwabanye ukuthi kumele bavikelwe abampimpa inkohlakalo kanjalo nofakazi.

UMyeni ulivumile icala lokuthi wadalula igama lafakazi owayefihliwe ngenkathi kuqhubeka ikhomishana ephenya ngezinsolo zokugwamandwa kwamandla ombuso istate capture.

Izolo, UMyeni ukhombise ukuzisola ngalesenzo wayalelwa yinkantolo ukuthi akhokhe inhlawulo ka-R120 000, noma abhadle ejele iminyaka emibili ngokugagula igama lalomlisa owayebizwa ngo-Mr X.

Okhulumela iNPA uPhindi Mjonondwane uthi uma abantu abampimpa inkohlakalo nobugebengu bengavikelwa, kuzokwenza besabe ukuza ngaphambili nobufakazi abasuke benabo.

UMjonondwane uthi siyancomeka isinqumo senkantolo ngoMyeni.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background