I-NPA Ithi Izowenza Ezibukwayo Ngokushushisa

Written by on 17 February, 2022

By: Zilungile Mkhize

Ababhekelele ezokushishisa kuleli iNPA, bathi kulezinyanga eziyisithupha ezizayo, bazogxila kakhulu emacaleni athinta inkohlakalo.

I-NPA isivele phambi kwekomidi elibhekelele ukusebenza kwezimali zomphakathi ePhalamende, iSCOPA, ukuze ichaze izinhlelo zayo zokucubungula izicelo zophiko oluphenya amacala ayisipesheli iSIU.

Ngokusho kwenhloko ye-NPA, uShamila Batohi, ngaphambi kokuthi icala elithinta inkohlakalo lifinyelele enkantolo ukuyoshushiswa badinga ubufakazi obuqandikhanda futhi obanele ukuthi selingangena enkantolo.

Uthi kulezinyanga ezizayo bazogxila emacaleni asedluliselwe kubo yi-Special Investigating Unit, baqinisekise ukuthi ubufakazi bukulungele ukudlulela phambili.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background