I-NUMSA Ibambe Ukhukhulela Ngoqo Wesiteleka
Written by Mfundo on 5 October, 2021
By: Zilungile Mkhize
Inguzunga yemashi yabasebenzi embonini yobunjiniyela nensimbi isiqalile ukushishinga emadolobheni ahlukene ezweni, iholwa iNational Union of Metalworkers of SA (NUMSA).
EThekwini lemashi isuka eKing DinuZulu Park ilibangise eCity Hall enakabeni yadolobha, lapho abasebenzi bezokwethula khona uhlu lwezikhalo nezimfuno zabo.
Izingxoxo zokugcina mayelana namaholo abasebenzi osekuphele iminyaka emibili enganyuswa, zifinyelele kwangqingetshe izolo ebusuku, umqashi ethi akanyakazi ku 4.4% awubeke etafuleni.
I-Numsa ifuna amaholo enyuke ngo 8%.
Unobhala jikelele walenyunyana uIrviv Jim uthi okwenziwa ngabaqashi embonini yensimbi nobunjiniyela, kukhombisa ukungabakhathaleli abasebenzi babo njengoba bona minyaka yonke bethola imihlomulo namaholo abo enyuka njalo.
U-Jim uthi usenxuse abasebenzi ukuthi balwe ngokubumbana kuze kube sekugcineni.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Uthi abafune muntu ozoqhamuka eceleni azosebenza njengoba bona bemile nje.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.