I-NUMSA Isizwakalise Ukungenami Ngenkululeko Yabasebenzi

Written by on 28 April, 2021

By: Bright Ntuli

Inyunyana yabasebenza ngokusansimbi, iNUMSA, ithi kuyishwa ukuthi njengoba izwe kade ligubha usuku lwenkuluko nje, abasebenzi okuyibona abaningi kakhulu kuleli, bebengenakho nje okuningi abangakujabulela ngalolusuku.

OyisIkhulumi salenyunyana, uPhakamile Hlubi-Majola, uthi njengoba sekuphele iminyaka engu-27 lelizwe lathola inkululeko kubukeka sengathi iANC seyiphelelwe amaqhinga.

Uqhuba ngokuthi uhulumeni obusayo  sekuyacaca ukuthi ungowabantu abawomntakabani futhi indlela ongabanakekeli ngayo abasebenzi iyathusa.

uHlubi-Majola uthi iANC yehluleke ngisho nawukuthuthukisa umnotho wakulelizwe ukuze kuzuze abantu abamnyama kanye nabasebenzi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background