I-OUTA Iphefumula Ngombiko we-State Capture

Written by on 3 March, 2022

By: Staff Writer

I-Organisation Undoing Tax Abuse (OUTA) ithi umbiko we-state capture ukhombisa ngokungananazi ukuthi inkulu inkinga ekhona eqenjini elibusayo yenkohlakalo.

Umbiko wakamuva obugxile kakhulu kwi Bosasa, uveza imiphumela ebhekiswe kubantu okubalwa kubo owayengumengameli uJacob Zuma, ungqongqoshe uGwede Mantashe kanye nowayengungqongqoshe phambilini uNomvula Mokonyane.

Okhulumela i-Outa uRudie Heyneke uthi lombiko ukhombisa nokuthi i-ANC yayingeke ikwazi ukuqhubeka nokusebenza kwezombusazwe ngaphandle kokuthola izimali kwabathize ngendlela engahlelekile noma kuma thenda kahulumeni.

Uthi lenhlangano kuzomele ibathathele izinyathelo bonke abathinteka kulombiko.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background