I-Palestine Isigxeke i-UN Ngokungayivikeli Empini

Written by on 19 May, 2021

By: Zilungile Mkhize

Oyinxusa lase-Palestine, ngaphansi kwenhlangano yezizwe ebhekelele ezokuphepha emhlabeni iUN Security Council uRiyad Mansour, uthi ukungenzi lutho kwalehlangano empini ekhona phakathi kwe Israel ne-Palestine, kubeka engcupheni impilo yabantu.

uMonsour uthi akekho umuntu oseke waphumela obala waphoqa i-Israel ukuba iqede loludlame, ngisho nayo iUN Security Council imbala.

Uthi lenhlangano kumel’engabe ivikela amazwe ezinkingeni zezimpi nodlame olubeka engozini imiphefumulo yabantu.

Ekhuluma esithangamini sabezindaba eMelika, uMonsour usebuze lenhlangano ukuthi kanti uyini umsebenzi wayo uma ingawasizi amazwe asezinkingeni.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background