I-Phoenix Ibomvu Tebhu I-EFF

Written by on 5 August, 2021

By: Bongani Gina

Abaholi be-EFF KwaZulu-Natal, nabalandeli balenhlangano sebemashele eGhandi Park ePhoenix enyakatho yeTheku ukuzozwakalisa ukungenami kwabo ngezigameko zobugebengu ezihambisana nokucwaswa kwabantu abamnyama kulendawo.

Ngesikhathi kuqhubeka izibhelu kulesifundazwe ngenyanga edlule, kwashona abantu abangu 36 nekusolakala ukuthi babulawa ngabomdabu wasendiya.

Ekuqaleni kwalelisonto uNgqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele ukuqinisekisile ukuthi iningi kulaba abashona, lalidutshuliwe abanye beshaywe kanzima.

Ekhuluma nezindaba zegaGagasi FM, usihlalo walenhlangano kulesifundazwe, uVusi Khoza, uthi iqembu labo ilona lodwa elilwisana ngqo nokucwasa ngokwebala, ngakho ke ingakho benza lemashi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background